Isolezwe ngeSonto, lithole ngomthombo walo owazi uhlu lofakazi nokulandelana kwabo ukuthi uZandie uyena ongena ebhokisini lofakazi kusasa.
Ebufakazini osebethulwe enkantolo, kuvela ukuthi uZandie ungomunye wababekhona ngelanga lesigameko sokufa kukaSenzo Meyiwa ngo-Okthoba 26, 2014, kubo kaKelly Khumalo, eVosloorus.
Kuthintwa iMenenja kaZandie, uMhlo Gumede, ayitholakalanga ukuphawula.
Ku-Instagram, uZandie ubhale into eyela ecaleni kodwa wangaphumela obala ngalo.
Umbhalo wakhe uthi: Ngi scarce too much mawung’bona make a wish, angithi I am a shooting star 💫. Late lunch with my faves 😍🍷🍹🥃,Sanibonani e Gauteng……….Isikhathi sifikile ,Gods timing is everything, asihlangane khona but kukho konke okuzokwenzeka this coming week a lesson will be taught and it will be learnt ❤️🙏.
Kuleli sonto ufakazi wesibili woMbuso, uMthokozisi Thwala umbulwe izinqe wu-Advocate Zandile Mshololo, emveza njengofakazi ongenalo iqiniso.
Lokhu kulandela ukuthi evule izimbobo ebufakazini bakhe, njengoba…
