IQEMBU lomculo we-okhestra elisebenzisa izimfijoli zasemandulo, elizinze KwaZulu-Natal, lizomela iNingizimu Afrika, ekhonsathini i-Art Festival eBristol, e-United Kingdom.
Umholi weNdabuko African Orchestra Group, uBongani Ngcobo, uthe bazolibangisa phesheya kwezilwandle ngoJulayi. Uthe kuzoba ngokokuqala ukuthi iqembu lakhe liyonandisa emazweni angaphandle
“Siqokwe emncintiswaneni obusanda kuba eSwatini, ukuthi siyomela iNingizimu Afrika, emcimbini. Iqembu lethu lihlukile ngoba lingelokuqala elisebenzisa izimfijoli zakudala kuphela njengoba amaningi esebenzisa ezesimanje. Phakathi kwezimfijoli esizisebenzisayo kukhona, imiqangala, udloko, imarimba, imintshingo, ingulule, iziginci zakudala, inkositini, isitolotolo, umakhweyana nezinye. Linamalungu angu-22 aqhamuka ezindaweni ezahlukene okuyiseThekwini, Melmoth, Eshowe, naseSikhawini. Okwenza lokho ukuthi bekuhlanganiswa abantu abakwazi ukudlala lolu hlobo lwezimfijoli ngokuhlukana,” kuchaza uBongani.
Uthe ingqinamba ababhene nayo manje imali yokukhokhela indiza kanti kumele bafulathele ekuleli ngoJulayi 20. Olunye uxhaso abaludingayo olwezimpahla zokugqoka ngoba iqembu libunjwe abantu abangasebenzi bonke. AmaVisa nendawo yokulala uthe bahlelelwe ngabe-Arts…