IZINTOKAZI eziyizisulu ecaleni lomfundisi waseNigeria, osolwa emacaleni awu-63, ziyaziqhelelanisa neqophamlando elizokhonjiswa kwiShowmax.
Phakathi kwamacala abhekene nawo uTim Omotoso, kubalwa awokudlwengula, ukushushumbisa amantombazane nawokukhwabanisa.
Iqophamlando elibizwa ngokuthi Imibuzo, liqukethe iziqephu ezithinta izindaba ezike zaba wundabamlonyeni ezweni, okubandakanyeka kuzo ukudlwengula nokubulala.
Isiqephu esithinta izigemegeme zika-Omotoso sizokhonjiswa, ohlelweni.
Ethintwa uCheryl Zondi, omunye wofakazi abaqandula ikhanda eNkantolo ePhakeme, eGqeberha, uthe ubengakaze ezwe lutho ngeqophamlando.
“Ngiyaqala ngqa ukuzwa ngalokhu. Angazi lutho, ngakho- ke angikwazi ukuphawula mayelana nalolu daba,” kusho uCheryl, ngamafuphi.
Kuzokhumbuleka ukuthi intokazi yaphenduka intandokazi yabaningi kuleli ngesikhathi itshengisa isibindi sokuphendula imibuzo enkantolo.
Isolezwe ngeSonto ithinte elinye lamawele aseThekwini, aduma emcintiswaneni womculo i-Idols SA. Nawo amawele ayebalwa emantombazaneni ayehlala esithabathabeni sendlu eMhlanga, okuthiwa yayiqashwe ngu-Omotoso, okusolwa ukuthi wayedlwengula abantu kuyo. “Angazi lutho ngaleyo documentary,” kusho u-Anele Mxakaza kafushane.
Kwale ebuzwa kabanzi ngodaba…
