UDUNGE umcimbi kungalindelwe umgijimi waseZimbabwe, uGivemore Mudzinganyama, edla umhlanganiso izolo ekuseni emjahweni iTotalSports Two Oceans 56km Ultra Marathon, ebigijinyelwa eKapa.
UMudzinganyama weNtsika Athletics Club, obegijima okokuqala kulo mjaho ushaye intambo ngesikhathi esiwu-03:10:56, elandelwa nguDan Matshailwe weNedbank Running Club ngesikhathi esiwu-03:10:19, isithathu kwaba nguNkosikhona Mhlakwana ngesikhathi esiwu-03:10:40.
UMhlakwana ubeyithemba labantu baKwaZulu-Natal. Lokhu kungenxa yokuthi ngonyaka odlule wangena endaweni yesibili, lokho kwakhuphula amathemba okuthi nonyakas angawudla umhlanganiso.
Umgijimi waseZimbabwe, akagcini ngokuthi athole umklomelo wemali kodwa uthole imoto yohlobo lweKia.
Empeleni uMudzinganyama uqhamuke engalindelwe ngoba nguLebello Mopenyane waseLesotho, obesekubukeka ezodla umhlanganiso emjahweni, ngoba uke waqengqeleza phambili isikhathi esingangehora.
Nokho, kuthe sezijika kuConstantia Neck, umgijimi waseLesotho, waphuma emshovweni, edlulwa ngehubo nguMudzinganyama obengasadle nkobe zamuntu wahlala phambili umlibe waze wayoshaya intambo.
UMudzinganyama uqeqeshwa yinkakha yezokugijima uHendrick Ramaala, opheka izibabuli zabagijimi.
Umhlanganiso udliwa wuMudzinganyama nje, bekubhekwe…