BATUSE amagalelo kaMbalehle “Hlomu” Mavimbela, emva kokuphela kwesizini yesithathu ye-The Wife.
Abalingisi balo mdlalo, bayishayele ihlombe le ntokazi edabuka eLadysmith, ngamagalelo nokuzimisela kwayo, kusukela uqala umdlalo.
UWiseman Mncube obedlala indawo yokuba wumyeni kaHlomu, uMqhele Zulu, uthe kube yisibusiso ukulingisa nalo mlingisi.
“UMbali unethalente elimangazayo. Kube yintokozo ukusebenza naye. Ungumuntu ozinikelayo emsebenzini wakhe, unothando nenhlonipho. Ngibonga nokungamukela kwakhe ngezandla ezifudumele. Ngimfisela okuhle kodwa,” kusho uWiseman.
UMondli Makhoba obedlala indawo kabhuti omdala, uNkosana Zulu, naye akasalanga ngaphandle kwabatusa le ntokazi, njengoba echaze uMbali njengomlingisi onobuhlakani.
“Ukulingisa naye kwenza uvuseleleke, futhi uhlezi engumuntu ozilungiselele. Noma yini edingwa indawo ayidlalayo uyenza ngokuzimisela. Ungumuntu oyaziyo indawo yakhe emdlalweni futhi ugqama aphinde alekelele ngesikhathi esifanele. Okuyinto ehlula abalingisi abaningi”, kusho uMakhoba.
UMbali uthe ubengeke alingise indawo kaHlomu ngempumelelo eyedwa, konke abeyikho kulo mdlalo kungenxa yokwesekwa…