ZIYAKHANYA izindlela ze-Orlando Pirates, ngemva kokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League, ngokuphela kwesizini ishaya iRichards Bay FC ngo 2-0 izolo ntambama emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IPirates ifike emdlalweni kuthe gidi isibindi ngoba emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu leFifa, yashaya iSupersport United ngo 1-0, ekubeni iRichards Bay ibinethemba lokuvuka izithathe emva kokuxetshulwa kwayo ngo 4-0 yiTS Galaxy.
Nakuba iPirates ihlulwe ngamathuba amaningi okubhakuzisa inethi izolo, kodwa ibhola elingqomfelwe phakathi nguTerrence Dzvukamanja, ngomzuzu ka-32 emuva kwebhola ebeligotshwe wuKabelo Dlamini, yilo elibe umhlahlandlela futhi bekubonakala sengathi maningi azolandela.
Ngesiwombe sesibili iRichards Bay, ikhombise ukuba yiqembu elingcono, yathola amathuba amaningana okushaya igoli kodwa kwaphika ukwenza. Empeleni umgadli wayo uYamela Mbuthuma, oya ngokuya ekhombisa ukuvuthwa, ube neshwa lokungashayeli ezakhe igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-77 ngoba ibhola lakhe abeliqisele unozinti wePirates, uSipho Chaine, liphume phezu kwamapali…