INKAKHA ye-Orlando Pirates, u-Edward “Magents” Motale, ithi badinga ukushayelwa ihlombe abaqeqeshi bamaqembu eDStv Premiership ngesibindi sabo sokunikeza abadlali abasebancane ithuba lokudlala ngoba lokho kuzokhuthaza nabanye ekwenzeni okufanayo.
UMotale usho kanjena nje, kuchwazwe izinkundla zokuxhumana emuva komdlalo weMamelodi Sundowns neRoyal AM, weDStv Premiership ngoLwesibili, ngemva kokuthi umdlali omncane kunabo bonke kule sizini, uSiyabonga Mabena, engene endaweni kaThemba Zwane ngesiwombe sesibili, wenza neminyakazo eshiye abaningi bebaza ikhono lakhe.
UMabena (16) onconywe ngumqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, emva komdlalo wangoLwesithathu, ungomunye wabadlali abancane abasanda kukhushulelwa esikimini esikhulu seqembu besuka enkulisa yalo.
Lo mdlali, wenze ezibukwayo eqenjini lesizwe lika-U/17, Amajimbos, kwiCosafa U/17 Championship ebidlalelwa eMalawi, nyakenye, lapho ekhale wemuka nomklomelo wokushaya amagoli amangi, ngokuhlohla ayisishiyagalolunye.
Akangagcina lapho, waqokwa njengePlayer of The Tournament, kulo mqhudelwano onqotshwe yiZambia ishaya Amajimbos ngo-1-0 kowamanqamu.
“Okwenziwa ngabaqeqeshi bamaqembu anjengeSundowns,…
