NAMUHLA kuhlangana iminyaka emibili kwabuza iSilo uZwelithini kaBhekuzulu. UyiSilo sokuqala emlandweni waKwaZulu, esabusa isikhathi eside njengoba ilanga lashona emini ngoMashi 12, 2021, emva kweminyaka ewu-49 sisesihlalweni.
Isolezwe ngeSonto lixoxe nosomlando, uSolwazi Jabulani Maphalala, owuqonda kahle umlando waKwaZulu ngenhloso yokukhumbula uMdlokombane.
USolwazi Maphalala, uthe uMdlokombane wayengoka-21 kusuka kwiSilo uNtu, ukubusa KwaZulu. Uma kubalwa amakhosi abusa ngaphambi kukaMdlokombane kukhona iSilo uNtu, owalandelwa yiSilo uMnguni, uZamani, uMalandela, uZulu, uNtombela, uNkosinkulu, uMageba, uPhunga, uNdaba, uJama, uSenzangakhona, uMthaniya, uShaka, uDingane, uMpande, uCetshwayo, uDinuzulu, uPhumuzuzulu, uBhekuzulu bese kuba yiSilo uZwelithini, osekungene indodana yakhe esihlalweni iSilo uMisuzulu esibusayo. ISilo uZwelithini sathatha isihlalo sikayise uBhekuzulu ngo-1971 ngokusho kukaMaphalala. ISilo uBhekuzulu sabuza ngo-1968, isihlalo saso saqala sabanjwa nguMntwana u-Israel Mcwayizeni ngaphambi kokuba kungene uMdlokombane ohlale kuso eneminyaka engu-20.
“Ekubuseni kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, zikhona izinto akhunjulwa ngazo azenza. Ukukha…